
Idili Lethimba lase-UKZN kanye Nabafundi BaseBotswana Bakudala
Click here for English version
Ihhovisi lezabafundi bakudala i-Alumni Relations Office belihlele idili lokuqala elethemba ukuthi kuzoba ngelinye lamaningi eGaborone, eBotswana, mhla wesi-2 kuLwezi.
Lo mcimbi ubugcwele phama, lapho abantu bebethutheleke bevela kuzo zonke izinkalo zezwe, kube yisidlo lapho isikhulumi esiqavile bekunguMengameli noSihlalo we-Convocation e-UKZN, uMnu Fanle Sibisi.
Lo mcimbi obuseGaborone International Convention Centre, ubuyithuba lokuthi abafundi bakudala, abaxhasi nabangani be-UKZN bavuselele ubudlelwane njengabafundi bakudala, bezwe nokuthi kwenzekani esikoleni sabo sakudala.
USibisi uchaze kabanzi ngezinto ezenzeka eNyuvesi, wathinta isibalo sabafundi, ukukleliswa kweNyuvesi emhlabeni nezocwaningo. Kulandele imibuzo, eminingi yayo ibigxile enqubweni yokubhalisa nokuxhaswa kwalabo abafisa ukuqhuba izifundo zabo kanye nesivumelwano sokusebenzisana phakathi kwe-UKZN ne-University of Botswana.
UmQondisi omKhulu kwezokuXhumana e-UKZN, uMnu Ashton Bodrick, wamukele izihambeli, kanti uNks Normah Zondo, onguMqondisi wezobuDlelwano eNyuvesi, ubephethe uhlelo.
Izihambeli zigoduke nezishuqulwana zolwazi ebezinamabhuku ekhethelo ase-UKZN nezipho.
Amagama: wu-Finn Christensen
Izithombe: wu-Nomcebo Msweli